Cover_Front

Umsamo : Umhlahlo Wezangoma

Isiphakamiso ngale ncwadi

Kuningi okudida abantu ngendaba yokuthwasa: ukuthi kuyini, kwaqalaphi, kumngena kanjani umuntu, njalo njalo. Kwandile nokucwaswa kwabantu abathwasayo noma abayizangoma. Abhokile namaqola akhwahla abantu ethi ayathwasisa. Baningi nabantu abathwasa ngokungeyikho noma bazame ukubalekela ukuthwasa ngoba bethi kuwubudimoni. Konke lokhu kudalwa ukuntuleka kolwazi olunembile oluyichaza kahle indaba yokuthi ngumuntu onjani othwasayo, uthwasa kanjani, uthwasiswa ngubani, uthwasa nini, kungani ethwasa, njalo njalo.

Le ncwadi-ke iyimvulamehlo ngoba iqukethe ulwazi olunzulu, olucwaningisisiwe olukukhanyisa kucace bha konke okumayelana nokuthwasa nobungoma ngokwehlukahluka kwakho. Okuhlaba umxhwele ngukuveza kwayo umlando ngomsuka wezinkolelo namaqiniso aphathelene nokuthwasa, amathongo, umsamo, njalo njalo emhlabeni wonke jikelele, kusuka le endulo eBhabhiloni lapho izinkolelo eziningi zavela khona.

Umbhali wale ncwadi, naye owedlula kukho ukuthwasa, osethwasisa abanye manje futhi oneziqu ngeziqu zemfundo ephakeme, akafuniseli ngabhale ngakho futhi akachemi uma ethula amaqiniso.
Injongo yale ncwadi-ke ngukuhlomisa umfundi ngamaqiniso abalulekile ngokuthwasa nobungoma, nokugwema ukukhohliswa yizinkolo ezithi indaba yokuthwasa ngeyabantu abamnyama kuphela, ngakho iwubumnyama.

Tags: No tags

Comments are closed.